Leli phepha lemibuzo lahlolelwa izinga elifanele yinoma yimuphi omunye wabasebenzi ababhekene nokuhlolo emphakathini ngaphandle kombali?
I-FLAP: Le ngxenye ihlanganisa imininingwane yomuntu ngamunye kuleli khaya.
FUNDA: Nikeza igama nesibongo sabo bonkeokwenzeka ukuthi bahlala kuleli khaya okungenani ubusuku obune evikini asebehlale kuleli khaya amasonto amane , noma bebekhona noma bebengekho ebusukwini bayizolo. Nikeza ulwazi lomuntu olale kuleli khaya izolo njengesivakashi. Ungakhohlwa ukubala abantwana, abagulayi ababesembhedeni ngokugula nabadala.
Ngomndeni, ngisho bonke abantu abahlala nawe ndawonye abadla nawe ukudla nezinye izidingo zempilo, noma umuntu ongashadile ohlala yedwa.
Iphepha lemibuzo elilodwa liphendulwa ngomndeni owodwa oqokiwe.
Qala njalo ngenhloko noma owengamele ikhaya isibonelo umuntu ongu 01. Inhloko noma owengamele ikhaya ngumuntu othatha izinqumo ekhaya. Uma abantu ababili noma ngaphezulu bethatha izinqumo ngokulinganayo, qala ngomdala. Bhala uye ngasemaceleni.
Kungabe uhlala njalo kuleli khaya okungenani ubusuku obune ngeviki emasontweni amane edlule?
Kungabe uchithe ubusuku bayizolo kuleli khaya?
Ngomuntu ngamunye kuleli khaya, veza inani labantu abaphendule imibuzo eminingi eqondene nabo.
Ngaphandle kwanoma yimuphi umthetho, alukho olunye ulwazi oluqokelelwe ngabeZibalo eNingizimu Afrika ngenhloso esemthethweni noma ezinye iziBalo eziphathelene nomuntu ngamunye olungadalulwa kunoma ubani.
Noma ngubani oyingxenye yokuqoqwa kolwazi, ongasebenzisa lolu lwazi noma imininingwane kuyofanele athathe kuqala izifungo zokugodla imfihlo.
& 18 (g) Noma yiliphi ilungu leziBalo eNingizimu Afrika eliputshuza ulwazi ngokuzithandela ngesikhathi liqashiwe ngokunikeza umuntu ongenalo igunya lokuthola lolu lwazi liyotholakala linecala lihlawuliswe imali engekho ngaphezulu kwama-R10 000,00 noma livalelwe isikhathi esingedluli izinyanga eziyi-6 noma kokubili.
Zithule ngokusemthethweni ngokubingelela, ikakhulukazi ngolimi olwaziwa amalungu omndeni.
Lolu hlolo lwenziwa kubo bonke omasipala. Inhloso yalolu hlolo lwesibalo sabantu abahlala ezindaweni ezikhethekile nezimo zokuhlala kwabo. Lokhu kuzosiza ngokuhlelela ikusasa, izimali, ukwenza njengokunqunyiweyo izinhlelo ezihlukahlukene zomphakathi nomasipala.
Ngingakwazi ukukhuluma nenhloko noma owengamele yekhaya Inhloko iyona ethatha izinqumo kuleli khaya noma loyo owaziwa ngamalungu ekhaya ngengenhloko yaleli khaya?
Ezokubala eNingizimu Afrika zisebenzisa izilimi ezingu- 11 ezisemthethweni ngocwaningo lomphakathi nokuBalwa kwabantu. Loluhla lwemibuzo lushicelelwe ngesiNgisi lwahunyushelwa ezilimini ezingu- 10 ezisemthethweni ezifakiwe ebhukwini eliseceleni. Kuphakanyiswa ukuthi ukuxoxisana kwenziwe ngolimi olufunwa ilungu lekhaya, bese umbali ebhala zonke izimpendulo ephepheni lemibuzo yokuhlolo. Ngalesi sizathu, umbali kufanele kube umuntu olwaziyo ulimi olusetshenziswayo ezindaweni ezikhethiwe aphinde azijwayeze namabhuku ahunyushiwe ukuze akwazi ukusiza labo abafuna ukusebenzisa ezabo izilimi.
Ubani okufanele agcwalise iphepha lemibuzo lohlolo?
Abezokubala eNingizimu Afrika bafisa ukuthi ababali abaqeqeshiwe bagcwalise iphepha lemibuzo yohlolo. Ngaphandle kwezimo ezingavamile kuphela lapho omunye umuntu engavunyelwa ukugcwalisa iphepha lemibuzo yohlolo.
Ubani okufanele abalwe ngokwephepha lemibuzo yokuhlolo?
Wonke amalungu aleli khaya ahlala kule ndlu okungenani ubusuku obune evikini abahlale kule ndlu amaviki amane, kanye nabavakashi abalala ubusuku obobudwa ngaphambi kokuxoxisana nalo mndeni. Umnndeni abantu abahlala ndawonye, abadla ukudla ndawonye abathola zonke izidingo zempilo, noma umuntu ongashadile ohlala yedwa.
Ligcwaliswa kanjani leli phepha lemibuzo yokuhlolo?
Lapho kunikezwe khona izimpendulo, umbali kufanele abeke uphawu ebhokisinii elifanele ngesiphambano u- (X).
Ngezinombolo njengonyaka wokuzalwa, umbali kufanele abhale impendulo efanele ebhokisini njengenombolo (isibonelo "007", "025").
Ngemibuzo evulelekile ephathelene namagama ezindawo zokuhlala, umsebenzi, izimboni, umbali kufanele abhale impendulo ecacileyo NGOFELEBA esikhaleni esinikeziwe. Zama ukugwema ukubhala esikhaleni selinye ilungu lomndeni. Ungabhala lukeke uma kunesidingo, ngaphandle uma impendulo icacile futhi ingena yenele kukholomu.
Sebenzisa ipeni lomsizi, uma kwenzeka wenza iphutha, sebenzisa irabha ukucisha lelo phutha uphinde ubhale impendulo efanele.
Ukusebenzisa ipeni lomsizi kusiza ukuthi ukwazi ukulungisa uma wenze iphutha, kusiza nasohlelweni lokuthwebula imibhalo nokunciphisa amaphutha okubhaliweyo abonakalayo.
Uhlelo Lwezemisebenzi Yomphakathi Olwandisiwe olwamasu kahulumeni kazwelonke ahlose ukubhekana nesimo sokuntuleka kwemisebenzi nokuqeqeshwa ngenhloso yokuthuthukisa amakhono. Luhlose ukubeka labo abantula umsebenzi emathubeni omsebenzi okwenza izinhlelo eziwusizo ngokwenhlalo yabantu luphinde futhi luthuthukise amakhono abantu ngenkathi besebenza, okungakhulisa amathuba okuba bahole imali yokuziphilisa ngesikhathi esizayo.
FUNDA LOKHU: Okokuqala ngizokubuza imibuzo ethize ngomuntu osinikeze igama lakhe.
Kungabe wazalwa ngaluphi usuku, kuyiphi inyanga nangamuphi unyaka?
Uma kukhona imininingwane engaziwa shiya ibhokisi lingabhalwe luto.
Mingaki iminyaka yakho ngokugcwele?
Uma ngabe kwenzeka ukuthi iminyaka yobudala ayaziwa kahle, nikeza isilinganiso ngokulinganisa, ukuthi mhlawumbe mingaki Uma engekho ongakwazi ukunikeza isilinganiso bhala 998.
Ezinganeni ezingaphansi konyaka bhala u000 bese kuthi kulezo zingane ekungenzeka zibeneminyaka ewu -7 izinyanga eziyishumi, bhala u -007 wenyanga.
Kungabe ungowesilisa noma owesifazane?
Kungabe buhlobo buni onabo nenhloko yekhaya noma nalowo owengamele ikhaya, uyini kuye?
Kungabe ushadile/uganile njengamanje?
FUNDA LOKHU kulolu luhlu onikezwe lona bhala ikhodi eyodwa ngomuntu.
Ngobani kulo mndeni abaganile noma abaganiwe?
Bhala inombolo yomuntu oshade naye nomasihlalisane ebhokisini elifanele.
Angazichaza kanjani ngokobuhlanga noma ngokobuzwe 3?
FUNDA LAPHA: Ngizokubuza imibuzo ngemvelaphi yakho isib.
Kungabe wazalelwa kuliphi idolobha, ilokishi noma isigodi?
Bhala igama lendawo elinikiziwe NGOFELEBA. Uma umuntu engazalelwanga eNingizimu Afrika , bhala izwe azalelwa kulona bese weqa ikhasi-11.
Kungabe yiliphi idolobha, ilokishi, idolobhana noma isabelo, ingxenye noma igama lepulazi lapho wazalelwa khona?
Bhala igama lendawo elinikeziwe NGOFELEBA.
Kungabe iliphi idolobha noma isabelo lapho ujwayele ukuhla khona?
Bhala igama lendawo elinikeziwe NGOFELEBA. Ungabhala lukeke.
Kungabe wawujwayele ukuhlala kuliphi idolobha, ilokishi, idolobhana, isabelo, ingxenye noma igama lepulazi?
Bhala igama lendawo elinikeziwe NGOFELEBA. Ungabhala lukeke.
Kungabe wawuhlala kule ndlu ngo Okthoba we- 2001?
Ezingunombolo (1 noma 3), yiya ekhasini-19 2.
Kungabe yimuphi unyaka nenyanga owangena ngawo kule ndlu?
Kungabe ubuhlala kusiphi isifundazwe ngaphambi kokuba ungene kulendlu?
Bhala ikhodi ebhokisini.
Kungabe kade uhlala kuliphi idolobha, idolobhana noma isabelo ngaphambi kokuba ungene kulendlu?
Bhala igama lendawo NGOFELEBA. Ungabhala lukeke.
Kungabe ubuhlala kuliphi idolobha, ilokishi, isabelo idolobhana, ingxenye noma igama lepulazi ngaphambi, kokuba ungene kule ndlu?
Bhala igama lendawo NGOFELEBA. Ungabhala lukeke.
Kungabe unakho ukukhubazeka 1?
Kungabe unaluphi uhlobo lokukhubazeka kulezi ezibaliwe?
Zisho bese ubeka uphawu luka- X kuleso anaso. Uma kukuningi akhubazeke kuko beka uphawu luka X kuzona zonke.
Kungabe ukukhubazeka kuyakukhubaza ekwenzeni imisebenzi yakho yokuziphilisa (njengemfundo, umsebenzi nempilo yakho) 1?
Kungabe uthola imali yezenhlallonhle noma imali ephuma kuhulumeni 1?
Kungabe yiziphi izinhlobo zemali eyisipho yokusiza ozitholayo?
Kungabe usesikhungweni semfundo njengamanje?
FUNDA LOKHU: Lokhu kuhlanganisa nabangafundi ngokugcwele nabafunda ngokugcwele, noma ngokwesiqu somuntu noma ngokweposi, nokufundela ekhaya.
Faka phawu ibhokisi elifanele ngo X.
Kungabe yiziphi izikhungo zemfundo ofunde kuzona 4?
FUNDA LOKHU bese ubhala ikhodi ebhokisini 5.
Kungabe lesi sikhungo siphansi kukahulumeni noma sizimele?
Bhala ikhodi ebhokisini.
Kungabe yiziphi izikhungo zemfundo ofike kulona?
Kungabe uyakwazi ukufunda okungenani ngolimi olulodwa?
Kungabe uyakwazi ukubhala okungenani ngolimi olulodwa?
Kungabe ezinsukwini eziyi-7 ezedlule uke wazisebenza waba nebhizinisi , elincane noma elikhulu eliqondene nawe wedwa noma ubambisene nabanye noma okungenani ihora elilodwa?
Izibonelo: Ukudayisa izimpahla, ukwakha izimpahla ngenhloso yokuzidayisa, ukulungisa izinto, ukuqapha izimoto, ukuvubela utshwala, ukucwala izinwele, ibhizinisi lokugada izingane enkulisa, ukushayela amatekisi noma ezinye izithuthi, ukuba nebhizinisi lokulapha abantu elisemthethweni njll.
Kungabe ezinsukwini eziyi-7 ezedlule ukhona umsebenzi owenzile wenkokhelo yesonto, noma yenyanga noma inkokhelo yokuthunywa noma inkokhelo yesishe (ngaphandle komsebenzi wasendlini) okungenani ihora elilodwa?
Izibonelo: Umsebenzi oqhubekayo , isivumelwano, amatoho akhokhelayo, ukusebenza ukhokhelwe ngokudla noma ngendawo yokuhlala.
Kungabe ezinsukwini eziyi-7 ezedlule uke wenza umsebenzi wasekhaya ngenhloso yokuthola inkokhelo yesonto noma yenyanga noma inkokhelo eyenele ihora elilodwa?
Kungabe ezinsukwini eziyi-7 ezedlule uye wasiza ngaphandle kwenkokhelo ebhizinisini lasekhaya lanoma iluphi uhlobo noma ihora elilodwa?
Yebo, 2 Cha.
Izibonelo: Ukusiza ukudayisa izimpahla, ukwakha izinto ngenhloso yokuzidayisa noma yokuzishintshanisa nokunye, ukwenza ama akhawunti, ukwenza ibhizinisi lokuhlanza njall. Ungayibali imisebenzi yasendlini ejwayelekile.
Kungabe ezinsukwini eziyi-7 ezedlule, uke wenza umsebenzi ngokwakho noma umsebenzi wasepulazini, ukulima, ukulusa izinkomo, noma ukubheka imfuyo noma okungenani ihora elilodwa?
Izibonelo: Ukulima, ukuvuna nokubheka imfuyo.
Kungabe ezinsukwini eziyi-7 ezedlule, uke wenza umsebenzi wokwakha noma wokulungisa ekhaya, epulazini, imfuyo noma ibhizinisi noma okungenani ihora elilodwa?
Kungabe ezinsukwini eziyi-7 ezedlule, uke wabamba izinhlobo zofishi ezahlukeni, izilwane zasendle noma iluphi olunye uhlobo lokudla ngenhloso yokudayisa noma ukudla kwasekhaya okungenani ihora elilodwa?
Kungabe ezinsukwini eziyi-7 ezedlule, usenawo umsebenzi, ibhizinisi noma imuphi umsebenzi wezentuthuko noma wokuphathelene nemfuyo ongabuye uwenze uma ubuya?
Izinto eziphathelene nokulima, isikhathi esingalungele ukulima akusona isizathu sokungabikhona emsebenzini isikhashana.
Kungabe yini ebangele ungasebenzi ezinsukwini eziyisikhombisa ezedlule?
Kungabe uma uthola umsebenzi ofanelekile ungakwazi nini ukuqala ukusebenza?
Ungawuchaza kanjani noma uhlobo luni umsebenzi owenzayo?
FUNDA uhlu lwezinto ongakhetha kuzo.
Kungabe ibhizinisi/umsebenzi lapho usebenza khona usebenza ngokusemthethweni noma cha?
Ibhizinisi elirejistiwe ilapho umqashi ekhokha khona intela enenombolo yentela, ibhiziniisi elingarejistiwe ilapho umqashi engakhokhi khona intela engenayo nenombolo yentela.
Kungabe wenza hlobo luni lomsebenzi lapho usebenza khona?
Isibonelo: ukuzidayisela emgwaqeni, uthisha wesikole esisemazingeni aphansi, ukusebenza kwasendlini njll.
Bhala NGOFELEBA. Ungabhala lukeke.
Yisho igama lendawo noma inkampani lapho esebenza khona?
Kungabe imuphi umsebenzi owenziwa kule nkampani yiliphi iqhaza olibambile ekuthuthukiseni umnotho?
Isibonelo: izimayini, ukulungiswa kwemigwaqo, amasuphamakethe, esiteshini samaphoyisa, unakekelo mpilo, ukucwala izinwele, ukulondoloza imali noma ukunakekela imfuyo uma umuntu ezisebenza.
Angazi, yiya ekhasini-5 3.
Kungabe uke walibamba iqhaza kulolu hlelo oluqhutsheziwe lwezemisebenzi yomphakathi ezinyangeni eziyisithupha ezidlule?
Kungabe yiziphi uma zikhona izinzuzo zokubamba iqhaza kulolu hlelo?
Kungabe yiluphi uhlobo lwamakhono olutholile kuloluhlelo?
Ngabe uke wazala ingane ephilayo noma ngabe ingane iye yashona emva kokuzalwa?
Beka uphawu luka X ebhokisini elifanele.
a. Kungabe bangaki abantwana owake waba nabo abazalwa bephila?
b. Bangaki kulaba bantwana abangabafana?
c. Bangaki kulaba bantwana abangamantombazane?
a. Kungabe bangaki abantwana abaphilayo abahlala kuleli khaya (kuhlanganisa nabakhulile)?
b. Bangaki kulaba bantwana abangabafana?
c. Bangaki kulaba bantwana abangamantombazane?
a. Kungabe bangaki abantwana abaphilayo kodwa abahlala kwenye indawo (kuhlanganisa nesebekhulile)?
b. Bangaki kulaba bantwana abangabafana?
c. Bangaki kulaba bantwana abangamantombazane?
b. Bangaki kulaba bantwana abangabafana?
c. Bangaki kulaba bantwana abangamantombazana?
Kungabe wamuzala nini umntwana wakho wokugcina?
Bhala usuku (amadijithi ama-2), inyanga (amadijithi ama-2) nonyaka (amadijithi ama-4) wabantwana bokugcina abaphilayo. Isibonelo, Uma umntwana wazalwa ngo 5 Januwari 1970 bhala u 05 wosuku, 01 wenyanga no 1970 wonyaka. Uma abantwana be baningi bhala umntwana wakho wokugcina.
Kungabe umntwana wakho wokugcina ngowesilisa noma ngowesifazane?
Beka uphawu luka X ebhokisini elifanele.
Uma kunabantwana abaningi abazalwa bhala umntwana owazalwa kugcina.
Kungabe umntwana wakho wokugcina usaphila na?
Beka uphawu luka X ebhokisini elifanele.
Uma kunabantwana abaningi abazalwa bhala umntwana owazalwa kugcina.
Kungabe umama okuzalayo usaphila na?
Uma umama engahlali kuleli khaya bhala 99.
Kungabe ubaba okuzalayo usaphila na?
Uma umama engahlali kuleli khaya bhala 99.
Kungabe imuphi umugqa onikeza isithombe esithi asibe yiso semali noma iholo olitholayo kungakathathwa intela kuhlanganisa zonke izinhlobo zamaholo?
Hlobo luni oluchaza indlu yokuhlala lomndeni ohlala kuyo?
Kungabe mangaki amakamelo akhona lapha ekhaya uhlanganisa nekhishi?
Kungabe niwathola kanjani AMANZI lapha ekhaya?
Faka uphawu ebhokisini X 1.
Kungabe kuyibanga elingakanani ukufinyelela lapho kutholakala khona amanzi?
Kungabe hlobo luni lwendlu yangasese esetshenziswayo lapha ekhaya?
Kungabe nisebenzisani lapha ekhaya uma nipheka?
Kungabe nisebenzisani lapha ekhaya ukufudumeza indlu?
Kungabe nisebenzisani lapha ekhaya ukukhanyisa?
Kungabe kukhona yini lokhu okulandelayo lapha ekhaya?
Kungabe lendlu eyenu isikhokhelwe ngokugcwele, ngeyenu kodwa ayikakaqedwa ukukhokhelwa, niyayirenta noma nihlala mahhala?
Uma kunezindlu ezidlula eyodwa, bhala ikhodi yendlu enkulu ebhokisini.
Kungabe niwulahla ikakhulukazi kuphi udoti ukusuka kuleli khaya?
FUNDA LAPHA: Manje ngizocela ukwazi ngasebashona kuleli khaya ezinyangeni ezingu 12 ezedlule?
Uma bekhona, bangaki?
Kwakuyiyiphi inyanga nonyaka ashona ngawo?
Kungabe umufi wayeneminyaka emingaki ngesikhathi eshona?
Ingabi kwabayini imbangela yokufa?
Kungabe umufi wayekhulelwe ngesikhathi sokushona noma washona emva kwamasonto ayisithupha ebelethile?
Iphepha lemibuzo liqediwe. Bonga ababephendula.
Uma kusetshenziswe amaphepha emibuzo ohlolo angaphezulu kwelilodwa, gcwalisa ibhakhodi yephepha lemibuzo yokuhlolo lokuqala emabhokisini alingene.
Emva kokuqeda ukugcwalisa iphepha lemibuzo lohlolo, umbali ubheka ukuthi awekho yini amaphutha bese ebhala igama lakhe bese elisayina.
